Kukhishwa isaziso ngaphansi kwesigaba 7(c), (e),(h) and (i) soMthetho weziNyanga (uMthetho ongunombolo 35 ka 2004) ("lapha uzobizwa ngoMthetho"), sokuthi uNgqongqoshe wezempilo umema abantu ukuba baphakamiswe amagama abantu abangaqokwa ukuba babe ngamalunga oMkhandlu weziNyanga weSikhashana (lapha uzobizwa ngo"Mkhandlu ").
Isigaba 7 soMthetho sithi makusungulwe uMkhandlu ozoba namalunga angama-22 aqokwe nguNgqongqoshe.
c Indima h yesigaba 7 soMthetho ithi makuqokwe abantu abathathu abazomela umphakathi babe ngamalunga omkhandlu; kanti d Indima i yesigaba 7 ithi makuqokwe inyanga eyodwa kulowo nalowo mkhakha wezinyanga , kanje. isangoma, inyanga elaphayo ngemithi, uhlaka lwenyanga inyanga enezindlu zokwelapha.
Umuntu oqokwe njengelunga loMkhandlu ngokwesigaba 7(c) no (i) soMthetho kufanele kube usesebenze njengenyanga isikhathi esingekho ngaphansi kweminyaka emi-5 kulowo mkhakha wobunyanga awumeleyo.
Amagama aphakanyisiwe abantu abangaqokwa ngokwesigaba 7(c) soMthetho kumele athunyelwe kuNgqongqoshe wesifundazwe noma ilunga loMkhandlu ophethe elibhekele ezeMpilo kuleso sifundazwe lapho inyanga isebenzela khona, kakhulukazi.
Amagama aphakanyisiwe abantu abazoqokwa ngokwesigaba 7(e), (h) no (i) soMthetho kufanele athunyelwe kuNgqongqoshe wezeMpilo.
Amagama aphakanyisiwe kufanele athunyelwe ngendlela emiswe kuleli pheshana elixhunyelwe kumthethonkambiso ophathelene nokuqokwa kwamalunga omkhandlu ngaphansi kwaloMthetho.
